Saturday, February 25, 2012

Uyavutha umbango we-TV yendishi.(News)

BYLINE: BONISWA MOHALE

UKUFIKA kwesiteshi sethelevishini esikhokhelwayo i-TOP TV kunyakazise abakwa-Multichoice bephume umkhankaso wokugcina amakhasimende .

IMultichoice okuyinkampani ephethe i-DSTV babize isithangami sabezindaba emahhovisi abo aseMhlanga, lapho bebethula khona izinhlelo ezintsha besho nokuthi sebenomkhakha ozokwazi ukubukwa ngabadla imbuya ngothi.

Ngaphambi kokwethulwa iTOP TV belungekho uhlelo olubhekele abantu abahola kancane njengoba i-DSTV intengo iphezulu.

UMnuz Nolo Letele, isikhulu esiphezulu kwaMultiChoice, uziphikile izinsolo zokuthi sebethula imikhiqizo emisha ngoba kune-Top TV.

"Ukufika kwabanye abantu akushintshanga izinhlelo zethu, besivele sizokwethula imikhiqizo efana nalena ngoba senza ucwaningo olusitshela okudingekayo. Namhlanje sizokwethula izinhlelo ezizokwenza kube lula emakhasimendeni ethu ukukhokhela i-DSTV, babuke izinhlelo abazithandayo kwi-internet," kusho uLetele.

Phakathi kwemikhiqizo ethulwe izolo kubalwa i-DSTV on Demand okuwuhlelo oluvumela amakhasimende ukuthi abuke izinhlelo azithandayo noma kuphi lapho kune-internet. Nalabo abangenawo amakhompyutha bayakwazi ukubuka lezi zinhlelo kumabonakude.

Uhlelo olwenze kwacaca ukuthi iDSTV ibone ukuthi iTOP TV iza mawala ukwethulwa kohlelo lwe-Easyview ebiza u-R20. Lolu hlelo ababukeli banama-channel angu-15 ethelevishini nangu-32 omsakazo.

Ama-channel atholakala kwi-Easyview yi-Magic World, Supersport Blitz, Mindset Learn, TBN, Rhema TV, Islam Channel, Aljazeera, Parliamentary Service, CNBC Africa, Summit TV neWeather 24.

Abakwa-Multi Choice bathe bazoqhubeka ukwe-thula imikhiqizo ezothengwa ngabantu abahola kancane kule minyaka ezayo.

No comments:

Post a Comment